UVincent Sekwati Mantsoe “Cut” ushukumisela ababukeli eJOMBA! (isithombe sinikezwe)

Cut” kaVincent Mantsoe iyaxhuma

NguThobile Maphanga (elihunyushwe nguLisa Goldstone)

--

Uma ukhuluma ngomdanso waseNingizimu Afrika, uVincent Sekwati Mantsoe ungumuntu ohloniphekile. Ngimane nje **ngiyabubula**… anginawo amagama okuchaza engikuzwayo ngemuva kokumbuka, hayi ngoba kungekho okuzokhulunywa ngakho kepha kunalokho ukuthi akwenzayo, kimi, kungaphezu kwenkulumo noma amagama. Ngibusisiwe ngokuthola ithuba lokumbuka, esiteji, amahlandla ambalwa ezigabeni zaseNingizimu Afrika, isikhathi esiningi eJOMBA! njengoba manje ehlala eFrance. Ngokho-ke, lokhu empeleni kuyimizamo yokubeka ngamagama lokho engikuthola kunzima ukukusho.

Into yokuqala engiyibonayo njengoba kuvulwa ifilim, ngaphandle kokubukhali kokuqala komculo iconsi elilodwa lomjuluko eliconsa ebusweni bakhe. Ngazi masinyane ngomsebenzi oqhubeke ngaphambi kwalesi sikhathi. Ikhanda lakhe libonakala lisunduzela isikhala esimnyama, ubumnyama obuzobuya buye futhi, bucindezele phansi, buvale, bushaye ngezikhathi ezingajwayelekile. Umculo, kaMpho Molikeng, upenda indawo engenalutho, engasebenzi. Isitayela sikaMantsoe, esifanekisayo, siya phambili nge-engeli ngendlela ebekiwe, eqondile. Izingalo zakhe zibonakala ziqhubeka njalo kepha umzimba wakhe usekelwe ngokuphelele, kuze kube… umzuzwana omfishane wokungaqiniseki, oshukumisayo, ofinyelela. Umzuzwana ongazelelwe wokucindezeleka. Isiphithiphithi esisabelayo sihamba kokuphazamiseka. Ukubuyela noma ukuqhubeka? Ngeke kufane. Ukukhathala. Ukuphefumula. Ukoma. Zama futhi. Ngokuhlukile. Ubuphakuphaku kwakheka kuze kube yilapho umculo uyeka ukudala futhi sisele kuphela nomoya osebenzayo ophikelela njengomzimba. Ukwenqaba ukunikezela. Ukwazi ukuthi asenziwanga!

Ukunikezwa okunikezwe i-“Cut” nguVincent Mantsoe kungukuqinisekisa kwendawo esizithola kuyo sonke, sinqunywe, sanqunywa saba yizicucu hayi ngokuphelele. Isiphiwo sakhe esiqotho sinobuntu obukhulu ngoba sikhumbuza ukuthi asisodwa kulokhu kubodwa futhi njengoba eqinisa inkulumo ethi “uhambo lwami aluphelile. Angakaqedi”. Ngikhululeke ngaso leso sikhathi ukwazi ukuthi kuningi engibheke phambili engxenyeni yesibili ye-“Cut”.

--

--

JOMBA! Contemporary Dance Experience
JOMBA! Contemporary Dance Experience

Written by JOMBA! Contemporary Dance Experience

JOMBA! Contemporary Dance Experience is a Durban-based festival that celebrates critical contemporary dance from Africa and across the globe

No responses yet