Ofanekisiwe lapha, uGregory Maqoma waseGauteng encwadini yakhe ehlonishwayo ethi “Exit/Exist” (photograph supplied)

Exit/Exist: “Inkumbulo ibuye Kabusha”

nguTammy Ballantyne (ukuhunyushwa nguLisa Goldstone)

--

IExit/Exist yayinomhlangano wokuqala womhlaba eBrussels ngasekupheleni kuka 2011 futhi iba uNdunankolo was Ningizimu Afrika eDance Umbrella ngoyaka ka2012 esiteji seMarket Theatre. Sukela lapho ibuye yafinyelela emhlabeni wonke ekufunweni okuhle.

uGregory Vuyani Maqoma udumile kukhulunwa ngokubambisana. Uma kukhulunwa ngokuletha abadali abasebenza nabenzi e ndawonye ukwenza umlingo, unesiphiwo kulokhu.

iExit/Exist kuthonya ileveli elisha lomdanso weshashalazi ohlanganisiwe nozwakalayo. Uhlanganisa ukuxoxa izindaba ngezilimi zakhe zomdanso ezithile zesimanje nomculo.

uMaqoma uphefumlela impilo emsebenzini osibuyisela emuva, ubhekisa izindaba zakudala zethu ezihluphayo. Ibuye futhi ibhekane nemizabalazo efanayo yanamhlanje — kuyavumelana ngezimpi zanamhlanje zomhlaba, ubunikazi kanye nomzabalazo wokubambelela kobunikazi.

Simenyezelwa abanye abalingiswa endabeni yenkosi yakwaXhosa kanye nokhokho abude bakwaMaqoma, uJongumsobomvu Maqoma, ngasekupheleni kweminyaka yama 1800s, waxabana nabantu besiNgisi ngezinkomo nomhlaba, wagcina nokuhlangana nokufa kwakhe eRobben Island. Iqembu le-acapella, Qedela, ababukeli kanye nabaphawula ngokudansa kukaMaqoma nokuba ngabambe iqhaza.

Umculo kaSimphiwe Dana ufakwe kahle kwi-acapella. Kuyamangalisa futhi kuyabukeka okwehla kamnadi njengoba abahlabeleli becula. Kuhambisana nokuhamba kwesiginci sikaGiuliano Modarelli kungaphezu kakhulu kwalokho; izintambo zakhe zidambisa le ndaba yokuhlaselwa komhlaba, ukweba izinkomo kanye nokulahlekelwa yisithunzi ekugcineni.

Lomkhiqizo ohlanganisa izilimi eziningi ngokuqondisa okuhle okuka James Ngcobo, ukukhanyisa okuhle kukaRalf Nonn, izithombe ezithobekile zevidiyo kaMileta Postis, ukwakhiwa komsindo ngoAndile Kentse Mpahlwa, ukwakheka kwezimpahle ezinhle zikaDavid Tlale nomklamo olula, osebenzayo owenziwe uOliver Hauser. Zonke lezi zinto zihlanganiswa ngokubabazekayo emsebenzini wokusebenza wobuhle obukhulu nosizi olukhulu.

Umsebenzi kaMaqoma utholakala ukusakazwa isikhathi esinqunyelwe ngomhlaka 27 Agasti ngo 19:00 (isikhathi esijwayelekile laseNingizimu Afrika) kanye no-28 Agasti ngo 12:00 (isikhathi esijwayelekile laseNingizimu Afrika) https://jomba.ukzn.ac.za/whats-on-today

--

--

No responses yet