Ingoma kaTshepo Molusi ethi “The Convincer” ithatha indawo yesibili eJOMBA! I-Open Horizons kulo nyaka

i-“Open Horizons” ka-JOMBA! izindaba ezinamandla ezimibalabala zosizi nokunqoba

Ibhalwe uNkosingiphile (Mancane) Dlamini/ Kuhunyushwe uLisa Goldstone

--

Ekuqaleni ka-2022, JOMBA! kuvule ukuhanjiswa kanye nezicelo zamavidiyo omdanso amade namafushane azokhonjiswa njengengxenye yohlelo lwama-24 lwefestivali olubizwa ngokuthi “Open Horizons”.

Kubantu abaningi abathumele izicelo zabo, abayisithupha bakhethwa ijaji elihlukile futhi kulaba abayisithupha, abathathu bakhethelwa imiklomelo yamajaji. I-“Experience’s” I Am, ephuma eKapa, ​​isendaweni yokuqala, ilandelwa ekaTshepo Molusi ethi “The Convincer” yaseGoli noDiana Gaya waseKenya nomsebenzi wakhe othi “Inside Out” engena endaweni yesibili neyesithathu ngokulandelana.

Umbukiso uvula ngokukhala komnyango oluhlaza. Ngilethwe ezweni elingenathemba ngengoma kaSibonelo Mchunu ethi “Ill State”. UMchunu ube esehamba ngokukhululeka kuhle kwenyoka odongeni. Uyaqhubeka enyakaza, esonta odongeni aze angcoliswe upende oxebukayo. Njengoba umsebenzi uqhubeka, ukunyakaza kwakhe kuba nzima kakhulu izandla ezigobayo kanye nokugxuma okuqhaqhazelayo, kuba sengathi ukhiyelwe ngaphakathi kulo mnyango oluhlaza, uhlukaniswe endaweni ewumngcingo…uya emnyango kodwa akakwazi ukuphuma … ubhajwe phakathi kwalezi zindonga ezimbili, sengathi ziyavaleka.

Ngizwa umsindo ofana nerekhodi eliphukile. Ngibona umenzi womdanso/umdansi u-Diana ebuka phansi. Umsebenzi wakhe “Inside Out” uzizwa enesizungu futhi efuna… Ethinta amaqabunga aphuzi phansi, ngiwazwe, ngizwa ukuthinta kwakhe. Azame ukunyathela phezu kwamahlamvu kodwa kube sengathi kukhona okumbuyisela emuva. Umsebenzi kaGaya uwukubhekwa kwesimo somjikelezo wokulwa nokuzihlukanisa.

Ngizwa umsindo wolwandle, ngaleyo ndlela iqala “Braid” kaSasha Fourie. Ngesikhathi besolwandle, abesifazane ababili badansa bengafake zicathulo esihlabathini. Okusha! Umoya uvunguza, izinwele zabo zidansa kuheleza umoya. Bazelula ngokukhululekile ngenkathi bebambelele futhi bedonsana ngobumnene izinwele. Akukuhle yini ukukhululeka esikhumbeni sakho, ubuwena, izinwele zakho.

Ngizwa isigqi esinensayo futhi ngibona isithombe somuntu ofanayo siphindaphindeka kahlanu. I- “The Convincer” isithombe sikaTshepo Molusi sobudoda esimeni esibucayi kanye nophenyo lwezinkinga zempilo yengqondo. Uyamemeza, kungazelelwe kusuke izithombe zakhe ezine. Usele yedwa, futhi, ngiyaqiniseka ukuthi lezi zithombe zisengqondweni yakhe nje. Umdanso wakhe ulinganiselwe kakhulu esihlalweni sakhe. Izandla zakhe ziyizibhakela, izinyawo zakhe zivame ukugoba kanzima. Ngithola umqondo wokuthi uzwa amazwi engqondweni yakhe, uphazamisekile futhi kunethunzi elibi.

“Isihlobo esazalwa sinje…bayasihleka…PINA” kuvulwa uKwanele Finch Thusi, umzimba onganyakazi ubekwe phezu komzimba onyakazayo. Umzimba onamahloni/umzimba onomoya okhululekile…umzimba onethezekile/obuthakathaka. Umzimba ogqoke izingubo zangaphansi nejazi elimnyama elifika emadolweni uhamba ngaphandle endaweni evulekile phambi kwabantu. Umculo uyashintsha, ahleke avule ijazi aveze umzimba wakhe…

Izinyawo emanzini olwandle, amakhanda amboziwe, nomoya wasolwandle kungidonsela ku-I Am. Kudlala ingoma kaPhilip G Anderson ethi, “Portraits”, njengoba abadansi u-Yaseen Manuel noPhilasande Majikela benyakaza ngendlela emangalisayo. Ikhamera inaka amakhanda abo amboziwe nezandla. Ngizwa umoya woBuntu nokuhlangana kwemigwaqo. Ziwela phansi, ziveze ubuso bazo. Ndawonye bagijima bebheke ekushoneni kwelanga futhi bathola ukuphumula kwabo ezitulweni njengoba isithombe siba mnyama…

iJOMBA! Open Horizons iyidijithali futhi itholakala kuze kube umhlaka-11 Septhemba 2022 esiteshini se-YouTube sefestivali: https://www.youtube.com/c/Jomba_Dance. iJOMBA! Uhlelo lwe-Edge luvulwa namuhla ebusuku e-Elizabeth Sneddon Theatre, nemisebenzi nomenzi womdansi abathathu baseKZN. Amathikithi angathengwa ngeComputicket. Uhlelo luqala ngo-7pm.

--

--

JOMBA! Contemporary Dance Experience
JOMBA! Contemporary Dance Experience

Written by JOMBA! Contemporary Dance Experience

JOMBA! Contemporary Dance Experience is a Durban-based festival that celebrates critical contemporary dance from Africa and across the globe

No responses yet