Izici zika-Orlin “Beauty remained for just a moment then returned gently to her starting position …” kwiJOMBA! Legacy Platform (isithombe sinikezwe)

Imithetho yesiphithiphithi sika-Orlin ku-JOMBA! Ipulatifomu Yamafa

NguTammy Ballantyne (Umbhali wesivakashi ovela ku-Ar(t)chive) (ihunyushwe nguLisa Goldstone)

--

“Beauty remained for just a moment then returned gently to her starting position…” bukaRobyn Orlin lenziwa enkampanini esebenza ngokomlando iMoving Into Dance (MID) njengengxenye yemikhosi yokumaka iminyaka engu 21 yeminyaka yokuqeqeshwa kwezandla ngokugcwele.

Ukusebenza kufaka abadansi abanjengo Muzi Shili, Teboho Gilbert Letele, uSunnyboy Motau, uJulia Burnham, uSonia Radebe, uThandi Tshabalala, no-Oscar Buthelezi, uOrlin wakhiqiza umsebenzi omusha wokudansa weshashalazi, ehlanganisa umdanso, umbhalo kanye nesithombe nokuba ba iqhaza kwezilaleli futhi enikeza ihlaya lakhe nobuciko bakhe.

uAdrienne Sichel ubhale ngokubukeza I-The Star Tonight: “Izimpawu zokukhwabanisa zokuhweba ezenziwa ngu-Orlin zisenkingeni kule sekisi yombono wemithombo yezindaba ehlanganisiwe, ekufunweni, kwakhe ubuhle base-Afrika, imdedela ukuthi athathe okungajwayelekile, okukhohlisayo, okujwayelekile nokungjwayelekile.

uOrlin uphawule wathi: “Omunye wabakhiqizi abaphambili, uMathias Leridon nonkosikazi wakhe, uGevane, bangabasekeli obuqinile bezobuciko base-Afrika futhi bayalithanda izwekazi. Bangicele ukuthi ngenze ucezu ngobuhle be-Afrika, hayi isandla njalo, izinto ezinzima ngeAfrika nokuba ngaphandle ke-Afrika isikhashana, bengikulungele kakhulu ukubhekana naloku.

Ubuyela eJoburg lapho azalelwa futhi akhulela khona, bezama ukuthola umnyombo wobuhle ezitaladini ngakhoke, ukusebenzisana nomdwebi wemfashini uMarianne Fassler. uOrlin wathi : “Bengifuna ukusebenzisana namandla ethu a Mangaliso aseNingizimu Afrika ukwenza kabusha, Obani engizosebenzisana nabo kodwa uMarianne, izingubo eziwumgogodla wobuhle esikhuluma ngabo.” uFassler uthathe izikhwama zepulasitiki, amatini, amaphakethe ama-chip, amabhodlela amanzi zepulasitiki awenze izinto ezingabambeki.

Ukusebenzisana no-Yogin Sullaphen ukudala I-collage yomculo nobuciko bevidiyo kaPhilippe Laine, uOrlin uyaphumelela ukuletha izilaleli esenzweni njengoba egxila ekwakhiweni kabusha kwemibono yobuhle, ukuvuselelwa kwamakoloni nobumbano ngaphandle.

Umsebenzi ka-Orlin ungasakazwa isikhathi esinqunyelwe, ngo-19:00 (isikhathi esijwayelekile laseNingizimu Afrika) ngomhlaka 3 Septhemba bese uphinde futhi ngo-12:00 (isikhathi esijwayelekile laseNingizimu Afrika) ngomhlaka 4 Septhemba nge https://jomba.ukzn.ac.za/whats-on-today

--

--

JOMBA! Contemporary Dance Experience
JOMBA! Contemporary Dance Experience

Written by JOMBA! Contemporary Dance Experience

JOMBA! Contemporary Dance Experience is a Durban-based festival that celebrates critical contemporary dance from Africa and across the globe

No responses yet