Indawo! Indawo! Indawo!
NguKivithra Naicker (umbhali wezivakashi) (Ukuhunyushwa nguLisa Goldstone)
Umsebenzi weBodyArt Dance Company waseNew Orleans ufikile ezindaweni ezinjengeNew York City, e-Edinburgh, eNew Zealand (ukusho amagama ambalwa) futhi ngesiteleka senhlanhla ifika eThekwini ngalo nyaka weDigital JOMBA!, oluthembisa isidlo esimnandi. Lesi sidlo sokudla somdanso wesine sikhonzwa ngezingxenya ezimbili, “Dance for Camera” kanye ne “Dance for Stage”.
Umsunguli kanye nomqondisi wezobuciko, uLeslie Scott, uletha ihlo lakhe elixakile nokwazi kwakhe ngendlela ebonakalayo eletha ukubumbana phakathi komzimba nezikhala. Njengoba umhlaba wethu ubhekene nezikhathi ezingejwayelekile, lemsebenzi emihlanu yokudansa isyisa ezindaweni ezisikhumbuza isikhathi esasilula. Basithatha basifaka ezikhaleni okungenzeka ukuthi besizithathile.
iDance for Camera usinikeza amafilim amathathu wokudansa ayinjabulo ebonakalayo yezinzwa. “Afternoon Gold”, eqondiswe futhi ehlelwe uScott, eholwa ePortland Dance Film Festival ngoyaka we-2018. Eyenziwa nguRachel Abrahams, Le filimu ivutha phakathi kwezinhlaka ezinhle zokhonkolo kanye nemvelo futhi ihlangana kahle nefilimu elifushane elithi “Legal canvas” waka2017. “re/stage”(2012) ebiqala eTriskelion Film Festival eBrooklyn, iphakamisa izithombe ezinhle zezidumbu ezihamba endaweni eyibalekayo, ebukhosini kanye nendawo yokuphila. “Dance for Camera” kuletha ukusondelana komzimba nendawo esikrinini.
“Dance for Stage” ngaphansi kokuqondisa kukaScott, kusisa endaweni yemidlalo yeshashalazi lapho yi — “WATER STORY” (2019) ne — “THREAD” (2014) ikhanga futhi silinganise ngasikhathi sinye. Ulwazi lukaScott lokuthwebula izithombe lubonakala kahle njengoba izithombe ziphila kanye nabadansi. Lemsebenzi embili yomdanso yenziwe ngenani elihlukile labadansi ababonisa amandla amakhulu avela esikrinini.
uLeslie Scott ukhombisa ubumbano obonakalayo emsebenzini ngamunye ohlukanisa ngokuhlukile komunye nomunye endaweni okukhona kuyo, umculo kanye nokugqokwa. Imisebenzi ihamba phakathi kokuchwayisisa nokuhlekisa ngokuzindla, nakanjani idili elilungele ukudansa.
Uhlelo lwe “Dance for Camera” kanye ne — “Dance for Stage” leBODYART Dance Company lungabukwa ku https://jomba.ukzn.ac.za/whats-on-today/ njengengxenye yeDigital JOMBA! Uhlelo lweLifa ngo 19:00 (SAST) ngoLwesithathu Septhemba 2nd futhi ngo 12:00 (SAST) ntambama ngomhlaka 3 Septhemba.