U-Val Adamson uthwebule uNelisiwe Xaba edlala ngobusuku bokuvula iJOMBA! e-Elizabeth Sneddon Theatre

Isithombe, ukubonakala kanye nokudansa ngokubambisana

Ibhalwe nguNkosingiphile (Mancane) Dlamini/Kuhunyushwe Ngu-Lisa Goldstone

--

Ngemva kweminyaka emibili nesigamu i-Elizabeth Sneddon Theatre imnyama ngenxa ye-Covid-19, siyahlangana futhi ukuze sibone umsebenzi ye-JOMBA! Contemporary Dance Experience. Njengoba ngizihlalele ehholo, inkundla imiselwe umdanso wokuvula i-Hominal/Xaba. Kunezindwangu ezigoqiwe ezilenga ezinemibala ehlukene, isithombe sendawo sifika engqondweni. Phansi kunoboya obudala ulwembu lombala. “Muhle!”, ngizitshela.

Ngihlezi ehholo, ngiqala ukuzibuza… Ingabe lokhu kumayelana nendawo? Ingabe imayelana nesizwe sethu sothingo? …

Inkulumo yokuvula ezokuzijabulisa ivezwe umqondisi wefestiveli: uDkt. Lliane Loots evula ngenkondlo kaRoque Dalton. uLoots usho amazwi enkondlo: “Ngikholelwa ukuthi umhlaba muhle futhi izinkondlo nomdanso, njengesinkwa, kungokwawo wonke umuntu. Nokuthi imithambo yami ingagcini kimi kodwa egazini elivumelana ngazwilinye lalabo abazabalazela ukuphila, uthando, izinto ezincane, indawo nesinkwa…”

Ngicabanga ukuthi sesihambe kangakanani… Ngicabanga ngobuhlungu esesidlule kubona kuze kube manje, kwabangane esagcina ukubabona eminyakeni emibili nengxenye edlule, uhambo okusamele siwathathe.

Inkulumo iyaphela.

Izibani ezikhanyayo zigcwele isiteji. Ngizwa okuzwakala njengesitimela kimi. Umdansi/umenzi womdanso uMarie-Caroline Hominal ungena noboya, umdansi/umenzi womdanso asebenzisana naye uNelisiwe Xaba uzihlanganisa noboya bakhe. Baluka uhambo lwazo oluphambanayo, bewela ukusuka kolunye uhlangothi kuya kolunye, bedala ungqimba oluwugqinsi nolwembu loboya obuphambanayo. Izingubo zabo ezimibalabala namasokisi ezu-fishnet zibukeka njengendwangu yoboya phansi.

Ukushintsha komfutho womsindo ofana nesitimela, abadansi baqala ukumboza ngaphansi kolwembu lwabo loboya. Kunjengokungathi zihamba phakathi kwetshungama, zinyakaza kanzima. Ukuzama ukuya phambili, hhayi njalo ukuphumelela. Bevaleleke ngaphansi kolwembu, imizimba yabo ithinta phansi, izibani ziba mnyama kancane.

Umdansi ngamunye ulokhu edonsa kanzima, manje ephethe isikelo esincane esandleni, esika indlela yakhe kulwembu lwewuli, olugcina luba yinqwaba yoboya ‘yezingubo’.

Uma sebekhululekile kuwebhu sebenqamule indlela yabo, abadansi baveza ingemuva lendwangu yase-Afrika. Kuvezwa uthingo lombala. Kunikezwe indawo yokunyakaza.

Ngemva kokuphuma kafushane, abadansi babuya ne-laptop nesipikha seBluetooth. Badansa umdanso wamasiko afanele belandela okokufundisa kwe-YouTube.

I-Hip-hop, iPansula kanye nomdanso waseNingizimu Afrika (Ivosho) konke kufanekisela umzamo ongajwayelekile wombukiso wesiko lephathi yomdanso. Indlela yabo ehlekisayo iyavuselela!

Bahleke kanyekanye uXaba ezishaya isifuba ngendlela iNingizimu Afrika enhle ngayo. uHominal uyabona ukuthi kukhona ababukeli bangempela futhi lokho bekuyinhloso… ngemuva kweminyaka engaphezu kwemibili yokusebenza ‘ezimeni ze-covid’.

Ukuhlonishwa kokukhiqizwa kuhlanganisa umenzi womdanso kaMarie-Caroline Hominal noNelisiwe Xaba osizwa nguSophie Ammann, umculo kaVincent Bertholet kanye nokuphathwa kwezobuchwepheshe uJean-Pierre Potvliege.

--

--

JOMBA! Contemporary Dance Experience
JOMBA! Contemporary Dance Experience

Written by JOMBA! Contemporary Dance Experience

JOMBA! Contemporary Dance Experience is a Durban-based festival that celebrates critical contemporary dance from Africa and across the globe

No responses yet