Sindawonye futhi, kodwa sikude
Ibhalwe uLauren Warnecke (Umbhali Oyisivakashi)/ Kuhunyushwe Ngu-Lisa Goldstone
Kuzwakala kumnandi ukufunda incwadi ye-JOMBA! Contemporary Dance Experience yango-2022, ngokwazi ukuthi ngeke ngihlukane nayo eminingi.
Kusukela etafuleni lami ngakolunye uhlangothi lomhlaba, umbukiso wami womdanso ohamba phambili unyaka uzoqhubeka ngaphandle kwami — njengoba kufanele. Nakuba ukuhamba ibanga elingamakhilomitha angu-9 000 kwakungenakwenzeka kulo nyaka, ukungabi khona kwami kuyinto enhle. Kusho ukuthi ukudansa bukhoma sekubuyile ngemuva kweminyaka engaphezu kwemibili kudansa ku-inthanethi.
Kube nokuphezulu nokwehla emhlabeni wethu we-inthanethi ngesikhathi sokuvalelwa. Ngandlela thize, iJOMBA! ku-inthanethi ngo-2020 nango-2021 kwasisondeza, okwenza ukusebenza ndawonye kwamanye amazwe kwenzeke ngaphezu kokujwayelekile.
Manje, iJOMBA! ibuyela ekhaya layo elifanele: phambi kwabantu. Futhi kulokho mhlawumbe indlela yokubuyela emuva kokuyisisekelo, i-JOMBA! 2022 kuzobe kunandisa kakhulu abadansi abavela eNingizimu Afrika. UNelisiwe Xaba uvula umkhosi lomdanso lamasonto amabili ngokubambisana umenzi womdanso uMarie-Caroline Hominal waseGeneva. Laba badansi ababili bahlangane eLondon ngenkathi bbefunda esikoleni eRambert. Umdanso obukwa ngoLwesibili nangoLwesithathu (ngomhlaka 30 no31 Agasti), obizwa nje ngokuthi “Hominal/Xaba” ukhipha imininingwane ehlanganyelwe yabenzi bomdanso njengabesifazane, ngesikhathi esifanayo ibheka umehluko wamasiko phakathi kwamazwe abo.
Okusho ukuthi, empeleni, inhloso yomkhosi walo nyaka. Ihlanganiswe umqondo ofanayo wokuthi “Okungenzeki kwekhaya,”[The (im)possibility of Home], abadansi ku-JOMBA! babuza ngamasiko, umlingiswa kanye nemibono yendawo.
Abadansi abambalwa abakwazi ukuzulazula kulokhu kanye noVincent Mantsoe, oyiJOMBA! Legacy Artist ngalo nyaka. Wazalelwa eSoweto, umsebenzi kaMantsoe uxhumene kakhulu nefa lakhe leSanogoma. Kodwa futhi uchithe iminyaka ehlala futhi esebenza eFrance. Ukukhetha kukaMantsoe okuthonya kwamazwe ngamazwe kwenza umsebenzi ungabonakali nganoma iyiphi incazelo eyaziwayo yendlela. Uma uhlobo lubalulekile, akanalo. Noma mhlawumbe abaningi. Konke kungcono kunengcosana yezingxenye zayo.
Njengabadansi abaningi abahlala ezindaweni eziningi, uMantsoe usekhaya kakhulu emzimbeni wakhe. Lokho kuzwakala kungaqondakali, kodwa ungakuthatha ngezindlela ezimbalwa: Ekhaya yilapho ekhona (mhlawumbe), lapho inhliziyo (isetshenziswa ngokweqile), noma esiteji (nathi). Kuleyo mininingwane yokugcina, uMantsoe ungumdansi ohamba yedwa ovelele: Isiko, ukuhlobana, ifa, ubuzwe — lokhu kusitshela kancane, kodwa kukhona wena oyedwa kuphela.
Ngomhlaka 9 no-10 Septhemba, ababukeli bazobona umdanso omusha kaMantsoe, onesihloko esithi “Koma,” futhi babone bukhoma ifilimu yakhe yomdanso evaliwe ethi “Cut (part 1),” ephinde yacatshangelwa abadansi abayisikhombisa beFlatfoot Dance Company ku-“Cut (part 2)”.
Umkhosi womdanso iphinde ibhekisise iMozambique ngemisebenzi ka-Edna Jaime, Pak Ndjamena no-Ivan Barros. Owokuqala uhlanganyela ubusuku obubodwa noFana Tshabalala waseNingizimu Afrika ngomhlaka 6 kanye no-7 Septhemba. UNdjamena no-Barros bakhombisa ifilimu yomdanso entsha, efakwe kokukodwa kokuthathu kokuhlangana kwe-inthanethi okusakazwa ku-YouTube.
Siyabonga, isitembu se-inthanethi sika-JOMBA! asihambile, ngokuphelele — ngakho, ngizokubona ku-inthanethi.
Mawufuna ukubona uhlelo we-JOMBA!, vakashela ku-https://jomba.ukzn.ac.za. Qinisekisa ukuthi uhambisana nebhulogi yeKhuluma ukuze ubike ngomkhosi ku-http://jombafestival.medium.com.
U-Lauren Warnecke ungumbhali wezobuciko namasiko ozinze e-Normal, IL, USA. Ukubhala kwakhe kuvela njalo kuChicago Tribune nasemsakazweni we-WGLT. U-Lauren waya e-JOMBA! njengombhali-ohlala ngo-2018 futhi wabambisana ne-JOMBA! ukuhlanganisa ubudlelwano bokubhala umdanso obalulekile ngo-2020 nango-2021.