SIYISHAYELA IHLOMBE IJOMBA! ASIHLANGANENISIZOBUKA UMDANSO WESIMANJE iCONTEMPORARY DANCE NJENGOBA SIGUBHA IMINYAKA YAMASHUMI AMABILI NESIHLANU LOHLELO LESIKHUMBUZO LWEJOMBA!

ngu-Samkelisewe Nxumalo ehunyushwe ngu-Marcia Mzindle

--

Isikhathi esihle sesifikile futhi, i-JOMBA yango-2023! Isipiliyoni somdanso wesimanje! Okujabulisayo ngaleli thuba njengemfundamakhwela yalomkhosi ukuthi yisikhathi engithola ngaso ukubuka imisebenzi yezingcweti zobuciko bokudlala abehlukene abavela ezindaweni ezahlukene ngezindlela ezahlukene zokwenza nokuqonda kweyami, ngithola ukufunda ngabanye abantu, izindawo, namasiko. Kufana ncamashi nomzuzu kimina ozojulisa futhi ucije umbono wami ngomdanso nezindlela owakhiwe ngawo. Kuyilungelo lami ukulangazelela idili lomdanso elikhona oshicilelo lokugubha iminyaka eyamashumi amabili nesihlanu lwalo nyaka.

I-JOMBA! I-Contemporary Dance Experience izoqala ngomhla ka-29 kuNcwaba futhi iqhubeke kuze kube umhla ziyi-10 kuMandulo. Abadidiyeli abahlukene baseNingizimu Afrika, Mozambique, Uganda, Madagascar, Romania, Kenya, Netherlands, Germany, Switzerland, Finland, United Kingdom naseBrazil bazobe bekhangisa ngobuciko babo izinsuku eziyi-ishumi nantathu zilandelana. Ubuciko buphulukisa izinhliziyo eziphukile, bufundisa imiphefumulo elahlekile, budala umphakathi — ukuhlanganisa abantu ndawonye, ​​​​kubanikeze okuthile okufanayo abangaxoxa ngakho!

Ngobusuku bokuvula mhla zingama-29 kuNcwaba, sizo zibonela mathupha umsebenzi kaMamela Nyamza waseNingizimu Afrika i-“HATCHED ENSEMBLE” ethembisa ukuvusa inkanuko kwezombusazwe. UNyamza uqokwe njenge-Legacy Artist walo nyaka futhi umnikelo wakhe emkhosini walo nyaka ukhuluma ngefa lakhe endaweni yokudansa yaseNingizimu Afrika.

U-Joseph Tebandeka wase-Uganda uzobe ezothula umsebenzi wakhe i-“Time Machine: Unveiling the Inner Strength” kubhilidi ephindwe kabili nenkampani yomdanso i-Unmute Dance Company yaseKapa eyethula i-“TIMELAPSE” yayo ngomhla zingama-31 kuNcwaba. Lolu hlelo luqinisekile ukuthi luzothuthukisa ukuqonda okujulile kwamandla okuhlukahluka komdanso kanye nethuba lokugubha umphakathi okhulayo womhlaba wabadansi abahlukene abanekhono. I-Introdans ethi “HubClub Special” ngomhlaka-1 kuMandulo iphinde yamukele umdanso wabo bonke abantu, ithembisa izethameli ukusabalala kwezinkondlo ezinyakazayo ngemidanso ehlukahlukene ekhona.

Kulo nyaka, iJOMBA! Iphinde ibambisane ne-ASSITEJ ekugxileni kwentsha okukhethekile, okuthinta izethameli ezisencane eThekwini ngomdanso owenziwe kucatshangwa ngazo. UJack Timmermans waseNetherlands wethula i-“Flying Cow” eDurban’s Stable Theatre ngomhlaka-2 kuMandulo kanti uJoshua Monten waseSwitzerland “Game Theory” udlalela izethameli zezikole zendawo okuhlanganisa neMason Lincoln Special School eMlazi.

I-Siwela Sonke Dance Theatre ibuyela e-JOMBA! Ngohlelo olusha lukaJay Pather i“surface tension” e-UKZN eJubilee Hall nangomhla zi-2 kuMandulo, ngohlelo olulodwa kuphela! Umcimbi uthembisa ukuthi uzoba okuhlangenwe nakho okugxilile kubabukeli bomkhosi. Omunye umcimbi othokozisayo nentandokazi yomkhosi, i-JOMBA! I-Youth Open Horizons izoba seStable Theatre ngomhlaka-3 kuMandulo. Le nkundla ethokozisayo yemukela abadansi abasha abavela ezindaweni ezahlukene eThekwini namaphethelo, okubalwa KwaMashu, Umlazi, Clermont, Musgrave, Pietermaritzburg, Lindelani, Chatsworth kanye neQuarry Heights.

I-JOMBA! I-Digital Open Horizons, uhlelo lwe-inthanethi olusakazwa ngesiteshi se-YouTube sefestivali futhi ithembisa umbukiso wamakhono amasha aseNingizimu Afrika naseKenya. Inkundla yeDijithali kulo nyaka isingatha imisebenzi emifushane eyisithupha futhi emithathu yayo iklonyeliswe “i-pick-of-the-platform” yiphaneli elizimele lamajaji.

I-“RAMANENJANA” eyakhiwe nguSimona Deaconescu waseRomania ngokubambisana noGaby Saranouffi waseMadagascar badlala eStable Theatre ngomhlaka-4 kuMandulo. Lokhu kubambisana kuthembisa ukuphatha izethameli “docufiction” ohlola imilando eyabiwe nenkumbulo. Njengoba umkhosi uqala ukuya ezinsukwini zawo zokugcina, uyaqhubeka nokuthembisa izikhathi zaphakade… thola umsebenzi ka-Pak Ndjamena othi “DEUS NOS ACUDI/ UNKULUNKULU UYASISIZA” ngomhla ka-5 kuMandulo kulandelwa uHelge Lentonja ethula i-“UN-ZEIT” ehambisana neka-Hannah Ma ethi “INVASION(S)”, bobabili ngomhlaka-6kuMandulo .

“INTO EMDAKA” wethula i-JOMBA! Umnikezeli we-“EDGE” u-Marcia Mzindle ezinkundleni zefestivali ngomhla ka-7 kuMandulo. Kuzoba umnikelo wedijithali futhi ungabukwa ngokukhululekile esiteshini se-YouTube soMkhosi. Ngomhla ziyisi-8 kuMandulo u-Lorin Sookool uzocula i-“Woza Wenties!” eHoward College Dome bese elandelwa uVirva Talonen waseFinland osebenzisana neDurban’s FLATFOOT DANCE COMPANY ukwethula i-“Portable Home” ehambisana nemsebenzi owethulwa uTalonen eyedwa i-“Nothing Personal”.

I-ACE Dance and Music yethula inqwaba yemisebenzi ngomhla ka-9–10 kuMandulo: “UNKNOWN REALMS”, “THE NIGHT BEFORE TOMORROW” and “MANA — THE POWER WITHIN”. Lolu hlelo kungokokuqala ngqa i-ACE idlala bukhoma ezinkundleni zefestiveli futhi iqinisekile ukuthi izojabulisa izethameli zasendaweni ngezitayela zenkampani ze-Afro-fusion. Umnikelo wokugcina walolu hlobo lwe-mgubho yesikhumbuzo weminyaka yonke ye-JOMBA! izoba sesiteshini se-YouTube sefestivali ngokubambisana ne-Brazilian PANORAMA FESTIVAL kanye nokwethulwa kwemisebenzi emibili ethi “ELEGBARA” kanye “EDA”.

Uma ungekho eThekwini eJOMBA! Ngikweluleka ukuthi uhlanganyele emisebenzini yomkhosi ehlinzeka ngolwazi lwaphakade ukuze wonke umuntu azitike.

Amathikithi atholakala ku-Computicket: https://tickets.computicket.com/events/searchPage/?q=jomba

Kuyo yonke imicimbi ye-YouTube: https://www.youtube.com/Jomba_Dance

Bona incwajana yomkhosi ogcwele kuwebhusayithi yomkhosi: https://jomba.ukzn.ac.za/2023-programme/

--

--

JOMBA! Contemporary Dance Experience
JOMBA! Contemporary Dance Experience

Written by JOMBA! Contemporary Dance Experience

JOMBA! Contemporary Dance Experience is a Durban-based festival that celebrates critical contemporary dance from Africa and across the globe

No responses yet