isigcawu esivela “kubaholi bomhlaba” base-INTRODANS (Isithombe uHans Gerristen)

Umdlandla Ohlanganisiwe

NguJulia Wilson (Umbhali Wezivakashi) / (ihunyushwe nguLisa Goldstone)

--

Ipulatifomu yedijitali yalo nyaka ibona abathandekayo esikhathini eside ne-JOMBA! Contemporary Dance Experience, i-INTRODANS, eletha imidanso yesiteji ethize kanye nenomoya esikrinini zethu.

Yenzelwe ekuqaleni isiteji futhi yenziwe ifilim, imisebenzi ihlangana ngaphakathi kwendawo yedijitali ehlangana kalula nezenzo zabadansi esiteji. Ifilimu iyinto eyinkimbinkimbi kwemisebenzi emithathu, enikeza enye indawo okufanele idlalwe ngokoqobo.

i-“Blue Journey” (ebhalwe uDavid Middendorp), eyaqala ukukhonjiswa ngonyaka ka-2008, iwumsebenzi omuhle owenziwe ngomculo owesabekayo yaRadiohead. Ikhohlisa umbukeli ngezithombe zesithunzi eziguqukayo bese zihluka nabadansi ababonakala bekhombisa uhlobo lokuphuma emthunzini wabo njengoba bengena futhi bengavumelani nezithombe eziboniswe ngemuva kwabo. Imidwebo emnandi iphakamisa imzimba yabadansi iye ekuphakameni kusuka kunamandla adonsela phansi: ukweqa kuphenduke nokundizayo, futhi imizimba esiteji ikhipha ukuphindaphindeka kokuxhumana nayo.

i-“Face Machine” (nguDavid Middendorp) ukuhamba okumangazayo kokufuna ukwazi nge-selfie. Amakhamera amabili asetshenziswa kakhulu ngokukhombisa izithombe ezinkulu zobuso bomdansi kanye nokubukeka konke kwesiteji. Lezi zinto zombili ziyahlangana njengoba imizimba ishintsha ubuso obukhonjiswayo, ukukitaza, ukusunduza, ukuqengqisa nokukhohlisa. Umphumela uhlekisa kakhulu futhi uhlukile.

Uma ubuka i-“Swingle Sisters” (ngu-Alexander Ekman), ngangehluleka ukusizakala ngibona sengathi isibuko besibanjelwe. Abadansi bakhwehlela kaninginingi ukudala imisindo yesigqi njengoba bewela isiteji,kubonakala sengathi bahleli etafuleni. Kamuva emsebenzini, abadansi ababili baphumule ngaphambili kwesiteji njengoba owesithathu edala ukubhujiswa ngobisi, ngo-popcorn, namaqanda. Ngenkathi umsebenzi wenziwa ngaphambi kwe-COVID, ngazizwa sengathi ngizibona ngedwa, ngiphuza ubisi kusuka ebhodleleni (ngoba akekho noyedwa oza ukuzophuza itiye) ngihlala ngidla futhi ngivilapha njengoba silinde ukuthi kudlule isizini. Umsebenzi uhlekisa ngokujabulisayo futhi wenziwa ngokuphelele ngabadansi abathukuthele abahlukumeza amaphaphu abo ngokungalhathali.

I-“World Leaders”, nayo ibenziwe uMiddendorp, ihlukile kokunikezwayo okuphezulu owenziwa ukwethula kwe-INTRODANS kulo nyaka. Ukubolekiswa ngokuthinta owesepolitiki, umsebenzi usetjenziselwe emuva kwezidumbu ezingenabo ubuso noma ezifakwe izigqoko, ezinengoma ephazamisayo ekuqaleni. Inqindi ezishaya amatafula osepolitiki ziguquka zibe uhlobo lokunyakaza kwenkawu, njengoba okuzwakala sengathi isigubhu sempi kushaya ngesigqi esingacasuli. Izingxoxo ziyavela phakathi kwemizimba njengoba umsindo uthatha isimo somoya, njengoba abadansi belwa ngaphambi kwezwe eligqamile lemizimba. Baba onodoli, balawulwa ngomunye, njengoba umsebenzi uguquka. Kunomqondo wokuthi abadansi bacwiliswa kumdlalo wevidiyo wokuhlanganisa, futhi ukuhlangana kobuchwepheshe kanye nemidlalo yeshashalazi kusetahenziselwa ukwenza umthelela omubi

Njengabangani bakudala bomkhosi, abakwa-INTRODANS balethe etafuleni imisebenzi ekhombisa ukuthi yini engenzeka lapho kuhlanganiswa izindawo zasesiteji nezedijithali. Ngendlela engenaphutha nesikhathi samahlaya ezingeni elifanayo ne-“Saturday Night Live”, ikampani ayisoze yehluleka ukuba nombono onamandla nokujabulisa ababukeli emhlabeni wonke. Okumele ubukele ababukeli abadala nabancane, lolu hlelo lunikeza ipuleti lezinto ezijabulisayo ezizovusa, zikhuthaze futhi zifune ukunakwa kwakho.

Uhlelo lwe-INTRODANS lusakazwa mahala ngo-19:00 (isikhathi esijwayelekile laseNingizimu Afrika) ngomhlaka 4 Septhemba ngokusakazwa okuphindiwe ngo-12:00 (isikhathi esijwayelekile laseNingizimu Afrika) ngomhlaka 5 Septhemba. Hamba ku — http://jomba.ukzn.ac.za ukuthola imininingwane ngohlelo lomkhosi wokuxhumanisa.

--

--

JOMBA! Contemporary Dance Experience
JOMBA! Contemporary Dance Experience

Written by JOMBA! Contemporary Dance Experience

JOMBA! Contemporary Dance Experience is a Durban-based festival that celebrates critical contemporary dance from Africa and across the globe

No responses yet