U-Anita Ratnam udlala eJOMBA! (isithombe sinikezwe)

Unkulunkulukazi, esiteji nakwisikrini

nguKamini Govender (ihunyushwe nguLisa Goldstone)

--

Isibonelo salokhu ngumsebenzi ka-Anita Ratnam, ohlanganyele izingcezu zakhe ezimbili zomdanso emkhosini, “Ma3ka” no “Stone… once again”. UDokotela Ratnam uye wachazwa njengomuntu owaziyo ukuthi uzulazula kanjani ezindaweni ezahlukahlukene zomdanso. Uhlanganisa ukuxoxa izindaba, isiko, umdanso nokulinganisa emsebenzini wakhe. Ofundiswe iBharata Natyam, iMohiniattam noKathakali, wabiza isitayela sakhe esihlukile sokunyakaza ngokuthi uNeo Bharata; umdanso onamandla waseNdiya owenziwe emzimbeni ovuthiwe. Umsebenzi wakhe ohlonishwayo ubhalwe ngokuqokwa kwakhe kabusha kwezindabuko zamaHindu ngokwesiko lobufazi.

Umdanso wakhe Stone…once again ubuza imibuzo yezinganekwane zika-Ahalya, owesifazane oguqulwe waba yitshe ngenxa yokucatshangwa kwakhe nokungathembeki. Isiphetho sakhe sinqunywa ngabesilisa; ukhathzwa injabulo yakhe nokwenqaba izimiso zokuphoqelelwa kokuba khona kwakhe. Besebenzisa indwangu nokukhanya, uRatnam udlala isifaniso setshe ukuze ahlole imvelo eqinile abesifazane baphoqeleka ukuba babe kuyo. Ucezu lukhombisa ukukhungatheka okuncane kokubanjiswa, umuzwa wesimanje wokuthi abesifazane babonakala bekhonkoloza emadwaleni kanti nokho, bathola inkululeko etholakala ngokuzinqumela.

Ngakolunye uhlangothi, iMa3ka, ixile kubunkulunkulukazi bakaNkulunkulu — uSaraswati (Unkulunkulukazi Wolwazi), uLakshmi (Unkulunkulukazi Wempumelelo) noMeaksakshi (Unkulunkulukazi Wamandla). Umculo namazwi aveza izithombe ezakhiwe nguRatnam Neo Bharata, osuka emusheni omnandi uye onamandla, owesabekayo nonya, wokuzungeza amandla wezinsikazi zaphezulu. Kungumsebenzi owenziwe ngokuzindla, okunikwe amandla futhi odlalayo oveza amandla ahlukahlukene obuntu besifazane.

Ungabuka i-Ma3ka ne-Stone… once again kwi-JOMBA! Yedijitali elingoMgqibelo ngomhlaka 29 Agasti ngo 19:00 futhi nangeSonto 30 Agasti ngo 12:00 ntambama (isikhathi esijwayelekile saseNingizimu Afrika) https://jomba.ukzn.ac.za/whats-on-today/

--

--

No responses yet